← Psalms (53/150) → |
1. | Isithutha sithi enhliziyweni yaso: KakulaNkulunkulu. Bonakele, benza ububi obunengekayo; kakho owenza okuhle. |
2. | UNkulunkulu wakhangela phansi esemazulwini phezu kwabantwana babantu, ukubona ukuthi ukhona yini oqedisisayo, odinga uNkulunkulu. |
3. | Bonke ngamunye wabo babuyele emuva, bonke bonakele; kakho owenza okuhle, kakho loyedwa. |
4. | Kabazi yini bonke abenzi bobubi, abadla abantu bami njengoba besidla isinkwa? Kababizi uNkulunkulu. |
5. | Lapho besaba lokwesaba, kungekho okwesabekayo. Ngoba uNkulunkulu uchithachithe amathambo akhe omisa inkamba emelane lawe; ubayangisile, ngoba uNkulunkulu ubadelile. |
6. | Kungathi insindiso zikaIsrayeli zingavela eZiyoni! Lapho uNkulunkulu ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe uzathaba, uIsrayeli athokoze. |
← Psalms (53/150) → |