← Psalms (47/150) → |
1. | Qakezani, zizwe zonke, hlokomani kuNkulunkulu ngelizwi lentokozo. |
2. | Ngoba i Nkosi, oPhezukonke, iyesabeka, yiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke. |
3. | Izakwehlisela abantu ngaphansi kwethu, lezizwe ngaphansi kwenyawo zethu. |
4. | Izasikhethela ilifa lethu, udumo lukaJakobe emthandayo. Selah. |
5. | UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, i Nkosi ngokukhala kophondo. |
6. | Hlabelani indumiso kuNkulunkulu, hlabelelani indumiso. Hlabelani indumiso eNkosini yethu, hlabelelani indumiso. |
7. | Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yomhlaba wonke; hlabelelani indumiso ngokuqedisisa. |
8. | UNkulunkulu uyabusa phezu kwezizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sobukhosi sobungcwele bakhe. |
9. | Iziphathamandla zabantu zibuthene ndawonye, abantu bakaNkulunkulu kaAbrahama. Ngoba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu. |
← Psalms (47/150) → |